bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
3 John 1
3 John 1
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Jump to:
Chapter 1
1
Ilunga, kuGayu othandekayo, engimthanda ngeqiniso.
2
Mzalwane, ngikufisela ukuba uphumelele kukho konke, futhi ube nokuphila okuhle, njengokuba umphefumulo wakho uphilile.
3
Ngathokoza kakhulu ngesikhathi kufika abazalwane, befakaza ngokwethembeka kwakho eqinisweni, njengalokhu uhamba kulo.
4
Ayikho intokozo eyedlula leyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
5
Mzalwane, wenza umsebenzi wokwethembeka ngokunakekela abazalwane ikakhulukazi labo ongabazi.
6
Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu.
7
Ngokuba ngenxa yeGama, baphuma bengaphethe lutho phakathi kwabezizwe.
8
Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.
9
Ibandla ngalibhalela okuthile, kodwa uDiyothrefesi othanda ukuba ngungqaphambili, akasemukeli.
10
Ngakho-ke mhla ngafika lapho, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, namazwi amabi esihleba. Kagcini nje ngokwenqaba ukwamukela abazalwane, kodwa udukisa nalabo abafisa ukwenzenjalo, abaxoshe ngisho nasebandleni.
11
Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
12
UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.
13
Bengisenokuningi ebenginganilobela ngakho, kodwa angithandi ukukubhala ngoyinki nosiba.
14
Kepha ngiyethemba ukuthi ngizakunibona masinyane, sikhulume ubuso nobuso.
15
Ukuthula makube nawe. Bayakhonza kuwe abazalwane, nawe khonza kubo bonke abazalwane abalapho, ubagagule ngamagama.
Jump to:
Chapter 1
All chapters:
1