bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Colossians 4
Colossians 4
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
1
Makhosi, ziphatheni kahle nangokufaneleyo izinceku zenu, nikhumbule ukuthi nani nineNkosi ezulwini.
2
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde nikuwo ninokubonga.
3
Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo,
4
ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
5
Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.
6
Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
7
UThikhikhu, umzalwane othandekayo nesikhonzi esithembekileyo, oyinceku kanye nami eNkosini, uyakunazisa konke okuqondene nami.
8
Ngimthumele kini ngenxa yakho lokho ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, futhi agqugquzele izinhliziyo zenu.
9
Uhambisana no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongomunye wenu; bazakunazisa konke okwenzeka lapha.
10
Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,
11
noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi.
12
Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.
13
Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikheya, nabaseHiyerapholi.
14
Uyakhonza kini uLuka, inyanga ethandekayo, noDema.
15
Khonzani kubazalwane baseLawodikheya, nakuNimfa, nebandla elihlanganela endlini yakhe.
16
Kuyakuthi uma le ncwadi seniyifundelwe, bese niqinisekisa ukuthi iyafundwa nasebandleni laseLawodikheya, nani niyifunde leyo ncwadi evela eLawodikheya.
17
Nitshele u-Arkhiphu, nithi: “Qaphela ukuba uwufeze umsebenzi owawemukelayo eNkosini.”
18
Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
All chapters:
1
2
3
4