bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Exodus 35
Exodus 35
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 34
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 36 →
1
UMose walihlanganisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, wathi kulo: “Yilokhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze:
2
niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa niyokuba neSabatha likaSimakade elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo uyobulawa.
3
Aniyukuwubasa umlilo emakhaya enu ngosuku lwesabatha.”
4
UMose wathi kuyo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli: “Yilokhu uSimakade ayale ngakho, ethi:
5
thathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaSimakade, bonke abanenhliziyo ethandayo mabanikele kuSimakade: ngegolide, ngesiliva, ngethusi;
6
ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, ngelineni elicolekileyo, ngoboya bezimbuzi;
7
ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, ngezikhumba zamahlengethwa, ngokhuni lomkhambathi,
8
ngamafutha okukhanyisa izibani, ngezinongo zamafutha okugcoba nezempepho,
9
nangamatshe ama-oniksi namanye aligugu ukuze afakwe engutsheni yamahlombe nasesivikelweni sesifuba.
10
“Bonke abanekhono phakathi kwenu bayokuza bezokwenza konke uSimakade ayale ukuba kwenziwe:
11
ithabanakeli, ithende lalo, nokokulifulela, izinkintsho zalo, amapulangwe alo, amabhaluko alo, izinsika zalo nezisekelo zalo;
12
umphongolo nezingongolo zawo, isihlalo somusa, namakhethini okuhenqa;
13
itafula nezinti zalo, nazo zonke izitsha zalo, nesinkwa soBukhona bakhe;
14
uthi lwesibani sokukhanyisa, izitsha zalo, izibani zalo, amafutha okukhanyisa,
15
i-althare lempepho nezingongolo zalo, amafutha okugcoba, impepho enuka kamnandi, isihenqo somnyango wokungena ethabanakeli;
16
i-althare lomnikelo wokushiswa, ithusi elinanyatheliselwe kulo nezingongolo zalo, nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo,
17
amakhethini egceke, izinsika zalo, izisekelo zalo, ikhethini lasesangweni legceke,
18
izikhonkwane zethabanakeli, ezegceke, izintambo zazo,
19
izingubo ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, izingubo ezingcwele zika-Aroni umphristi, nezamadodana akhe zokukhonza bengabaphristi.”
20
Inhlangano yonke yabantu bakwa-Israyeli yayisisuka phambi kukaMose.
21
Bafika bonke labo ababenezinhliziyo ezithintekileyo, benentshisekelo emoyeni wabo. Baletha kuSimakade umnikelo owawuzosetshenziswa ethendeni lokuhlangana, nakuyo yonke eminye imisebenzi yalo, nokuthunga izingubo ezingcwele.
22
Beza abesilisa nabesifazane, bonke ababenezinhliziyo ezazinentshisekelo, baletha amacici, nalawo asemakhaleni, izindandatho, amasongo, nazo zonke izinto zegolide, bonke banikela kuSimakade ngomnikelo wegolide.
23
Bonke okwatholakala kubo okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, ilineni elicolekileyo, uboya bezimbuzi, izikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, nezikhumba zamahlengethwa, lokho bakuletha.
24
Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi bakuletha kwaba ngumnikelo kuSimakade, nabo bonke okwafunyanwa kubo izingodo zokhuni lomkhambathi ezazingenza lowo msebenzi, baziletha.
25
Bonke abesifazane ababenekhono, baphotha ngezandla zabo, base beletha lokho ababekuphothile okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nelineni elicolekileyo.
26
Bonke abesifazane ababethintekile ezinhliziyweni, baphotha uboya bezimbuzi.
27
Abaholi baletha amatshe e-oniksi, amatshe engubo yamahlombe aligugu, awesivikelo sesifuba,
28
amakha, amafutha okukhanyisa nawokugcoba, nempepho enamakha amnandi.
29
Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.
30
UMose wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Bhekani, uSimakade umbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, kaHuri, wesizwe sakwaJuda.
31
Umgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, wamupha ikhono, ukuqonda, ulwazi lwanoma yiluphi uhlobo lomsebenzi wezandla,
32
ukuba enze imisebenzi yobungcweti, asebenzise igolide, isiliva nethusi,
33
aqophe amatshe okuhlobisa, abaze ukhuni, nokuba enze yonke imisebenzi yobungcweti.
34
USimakade umphile yena no-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi, wesizwe sakwa-Dani ikhono lokufundisa.
35
Ubagcwalise ngokuhlakanipha ukuba benze yonke imisebenzi eyenziwa ngumqophi, ingcweti, nomfekethisi, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo, nemisebenzi yomaluki, eyalabo abenza noma yimuphi umsebenzi, nabenza imisebenzi yobungcweti.
← Chapter 34
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 36 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40