bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Galatians 6
Galatians 6
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
1
Bazalwane, uma umuntu ebhabheka ebubini, nina bomoya mbuyiseni lowo ngomoya wobumnene, niqaphele nani, funa nilingwe.
2
Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.
3
Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.
4
Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, khona eyakuzincoma ngawo, angawuqhathanisi nowomunye.
5
Ngokuba yilowo nalowo muntu uyakuthwala umthwalo wakhe.
6
Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo ezintweni zonke ezinhle.
7
Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna.
8
Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
9
Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
10
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
11
Ake nibone nje ukuthi nginilobela amagama angakanani ngesami isandla.
12
Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.
13
Ngokuba ngisho nabo abasokayo, kabawugcini umthetho, kodwa bafuna ukuba nisoke ukuze bazincome ngani.
14
Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.
15
Ngokuba ukuthi usokile noma awusokile akusho lutho, kepha okumqoka ukuba yisidalwa esisha.
16
Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, nakuye u-Israyeli kaNkulunkulu.
17
Kusukela manje, mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngithwele emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.
18
Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
All chapters:
1
2
3
4
5
6