bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Luke 14
Luke 14
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 13
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 15 →
1
Kwathi ngesabatha uJesu waya endlini yomunye wabaFarisi oyisikhulu, eyokudla, bembheke ngeso lokhozi.
2
Kwakukhona phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo sokuvuvuka.
3
UJesu wayesebuza kuzo izazimthetho nabaFarisi, wathi: “Kuvunyelwe yini ukuphilisa ngesabatha noma qha na?”
4
Kepha bathula du. Wayesemthinta lowo muntu, wamphilisa, wammukisa.
5
Wayesethi kubo: “Ngubani kini okungathi indodana yakhe noma inkabi yakhe ikhalakathele emgodini, angaphuthumi ayikhiphe, ngosuku lwesabatha na?”
6
Bahluleka ukumphendula nakulokho.
7
Wayesebalandisa abamenyiweyo umzekeliso, ebona beziqokela izihlalo eziphambili, wathi kubo:
8
“Uma umenyiwe emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, hleze kukhona omkhulu kunawe ammemileyo.
9
Bese eza kuwe onimemileyo, athi: ‘Dedela lona, kule ndawo ohleli kuyo’, bese wena uhamba uyohlala kwesingezansi, uphoxekile.
10
Kepha uma umenyiwe, hamba uhlale endaweni engezansi, ukuze kuthi lapho efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mngani, yenyukela ngenhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe esidlweni.
11
Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.”
12
Wayesethi kommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma sakusihlwa, ungamemi abangani bakho, abafowenu, umndeni wakini, nomakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, lokho kube ngumvuzo kuwe.
13
Kepha uma wenza idili, mema abampofu, abakhubazekileyo, izinyonga, nezimpumputhe;
14
uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.”
15
Esekuzwile lokho omunye wababehlezi naye esidlweni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”
16
Kepha uJesu wathi kuye: “Umuntu othile wenza isiphihli sedili, wamema abaningi,
17
wayesethumela inceku yakhe ngesikhathi sedili, kulabo abamenyiwe, ukuyokuthi: ‘Wozani, ngokuba sekulungisiwe konke.’
18
“Kepha bonke ngothi lwabo, baqala ukuzilandulela, bebeka izaba; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithenge insimu, kudingekile ukuba ngihambe ngiyoyibona; ngiyakucela, ngixolisele impela.’
19
“Omunye wathi: ‘Ngithenge amabhanqa ezinkabi eziyisihlanu, ngisayozihlola; ngiyakucela, ngixolisele impela.’
20
“Omunye wathi: ‘Ngisanda kuthatha umfazi, ngalokho-ke angiphumeleli ukuza.’
21
“Inceku isibuyile, yayibikela inkosi yayo ngalokho. Umninindlu wathukuthela, khona wayesethi encekwini yakhe: ‘Phuthuma, uye emigwaqweni nasemihubheni yomuzi; ungenise lapha abampofu, abakhubazekile, izimpumputhe, nezinyonga.’
22
“Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe lokho obuyale ngakho, kepha isekhona indawo.’
23
“Inkosi yathi encekwini: ‘Phuma uye emigwaqweni nasezindleleni, ubanxenxe ukuba beze ukuze indlu yami igcwale phama.’
24
Ngokuba ngithi kini: akukho namunye kulabo abamenyiweyo oyakukuthi mbibi ukudla kwedili lami.”
25
Kwakukhona izixuku eziningi ezazihamba noJesu; waphenduka, wathi kuzo:
26
“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.
27
Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, ngeke abe ngumfundi wami.
28
“Ngokuba ngubani kini ongathi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho yini okokuwuqeda na?
29
Funa kuthi lapho esebeke isisekelo, bese engabi namandla okuwuqeda, kuthi bonke abakubonayo lokho, baqale ukumbhuqa,
30
bathi: ‘Lo muntu waqala ukwakha kodwa kakwazanga ukuqeda.’
31
“Noma iyiphi inkosi eya kwenye inkosi iyoyihlasela, ingaqalanga ngokuhlala phansi, icabangisise ukuthi iyokwazi yini ukubhekana nayo njengoba yona inezi-10 000 leyo eya kuyo inezi-20 000 na?
32
Kungenjalo, ingathi isekude leyo nkosi, bese ithumela amanxusa, ukuba acele uxolo.
33
Kanjalo-ke yilowo nalowo kini ongakudeli konke anakho, ngeke abe ngumfundi wami.
34
“Usawoti muhle, kepha uma usawoti usuduma, uyakuyoliswa ngani na?
35
Awusakufanele ngisho ukusetshenziswa emhlabathini nasemqubeni, kepha ukuba ulahlwe ngaphandle. Onezindlebe zokuzwa makezwe.”
← Chapter 13
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 15 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24