bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Mark 16
Mark 16
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 15
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
1
Seledlule isabatha, uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuze bahambe bamgcobe ngawo.
2
Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki, bafika ethuneni ekuphumeni kwelanga.
3
Bakhuluma bodwa, bethi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?”
4
Kwathi lapho bebheka, babona ukuthi itshe ligingqiwe, ngokuba lalilikhulu kakhulu.
5
Kuthe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, yembethe ingubo emhlophe; bethuka.
6
Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni. Uvukile; kakho lapha; bonani nansi indawo lapho bebembeke khona.
7
Kepha hambani nibikele abafundi bakhe noPhethro ukuthi uzakunandulela ukuya eGalile. Kulapho-ke nizakumbona khona, njengalokhu ayenitshelile.”
8
Baphuma, babaleka ethuneni, ngokuba behlelwa ngukuthuthumela nokumangala, kabatshelanga muntu ngalokho, ngokuba babesaba.
9
UJesu esevukile ekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amadimoni ayisikhombisa.
10
Yena wahamba wayobabikela bonke labo ababehamba noJesu, ababelila, bekhala.
11
Kwathi sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uMariya umbonile, abazange bakholwe.
12
Emveni kwalokho wabonakala engesinye isimo kwababili babo ababehamba beya emzaneni.
13
Nabo bahamba bayobikela abanye; nalabo abakholwanga.
14
Kamuva wabonakala kwabali-11, behlezi bedla. Wabasola ngokungakholwa kwabo, nangobulukhuni bezinhliziyo zabo, ngokuba bengabakholwanga labo ababembonile esevukile.
15
Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
16
Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.
17
Lezi zibonakaliso ziyakubonakala kwabakholwayo: Bayakukhipha amadimoni ngegama lami, bakhulume ngezilimi ezintsha.
18
Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”
19
Kwathi lapho iNkosi uJesu isibatshelile konke lokho, yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
20
Baphuma bashumayela ezindaweni zonke; iNkosi yayisebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezazibalandela.
← Chapter 15
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16