bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Matthew 7
Matthew 7
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 8 →
1
“Ningahluleli ukuze nani ningahlulelwa.
2
Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.
3
“Kungani ubona uthi olusesweni lomfowenu, kepha ube ungaluboni ugongolo olusesweni lakho na?
4
Ungasho kanjani kumfowenu uthi: ‘Ake ngikhiphe uthi olusesweni lakho;’ kube kukhona ugongolo kwelakho iso na?
5
Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho, yikhona-ke uzakubonisisa kahle ukuze ukhiphe uthi olusesweni lomfowenu.
6
“Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule.
7
“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
8
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.
9
“Ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,
10
noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na?
11
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ukuba uYihlo osezulwini abaphe okuhle labo abacelayo kuye!
12
Ngakho-ke kukho konke, ngisho nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaphrofethi.
13
“Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona.
14
Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.
15
“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
16
Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na?
17
Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.
18
Umuthi omuhle awukwazi ukuthela izithelo ezimbi, nomuthi omubi ngeke uthele izithelo ezinhle.
19
Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.
20
Kanjalo-ke niyakubazi ngezithelo zabo.
21
“Akusibo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.
22
Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’
23
Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’
24
“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
25
Layithela imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya, zayishaya leyo ndlu, kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe edwaleni.
26
Kodwa yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo esihlabathini.
27
Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”
28
Kwathi uJesu eseqedile ukukhuluma la mazwi, izixuku zamangala ngokufundisa kwakhe,
29
ngokuba wayebafundisa njengonegunya, kungenjengezazimthetho zabo.
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 8 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28