bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Nehemiah 5
Nehemiah 5
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 6 →
1
Kwaba khona ukukhala kwabantu okukhulu, amadoda nomkabo bekhononda ngabafowabo abangabaJuda.
2
Ngokuba kwakukhona labo ababethi: “Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi, masithole okusanhlamvu ukuze sidle, siphile.”
3
Kwakukhona futhi nabathi: “Sibambise ngamasimu ethu, ngezivini zethu, nangemizi yethu, ukuze sithole okusanhlamvu ngenxa yendlala.”
4
Abanye babethi: “Sibambise ngamasimu ethu nezivini zethu ukuze sithole imali yokukhokha intela enkosini.
5
Siyafana nabafowethu, nezingane zethu ziyafana nezabo, kodwa siphoqa amadodana ethu namadodakazi ethu ukuba abe yizigqila; asinamandla, amasimu ethu nezivini zethu manje sekungokwabanye.”
6
Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa izikhalo zabo namazwi abo.
7
Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.
8
Ngathi kulo: “Sisanda kubahlenga ngokusemandleni ethu abafowethu abangabaJuda, abebekade bethengiselwe ezinye izizwe; manje senidayisa ngabafowenu, sekufanele sibathenge kini na?” Bathula bathi du, ngoba bengenamazwi okuphendula.
9
Ngase ngithi: “Le nto eniyenzayo yimbi. Beningehambe yini ngokumesaba uNkulunkulu wethu ukuze nigweme ukuhlanjalazwa ngabezizwe, abayizitha zethu na?
10
Mina, abafowethu nezinceku zami, sabetsheleka imali nokusanhlamvu. Masikuyeke ukubiza inzalo.
11
Buyiselani kubo khona namhlanje amasimu abo, izivini zabo, izingadi zabo zeminqumo, izindlu zabo, inzalo yemali yabo, okusanhlamvu, iwayini namafutha ebenibaqola khona.”
12
Baphendula bathi: “Sizobabuyisela konke, futhi singafuni lutho kubo. Sizokwenza njengoba ushilo.” Ngase ngibiza abaphristi, ngabafungisa ukuba benze njengoba bethembisile.
13
Ngase ngithintitha umphetho wengubo yami, ngathi: “Sengathi uNkulunkulu angamvuthulula kanjalo noma ngubani ongeyukusigcina lesi sivumelwano; endlini nasempahleni, angamshiyeli lutho.” Yonke inhlangano yaphendula yathi: “Amen!” Yadumisa uSimakade. Yenza njengoba yayethembisile.
14
Kusukela ngosuku inkosi u-Arithahishashitha eyangibeka ngalo ngaba ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda, ngonyaka wama-20 wokubusa kwayo, kuze kube ngunyaka wama-32, okuyiminyaka eli-12 isiyonke, mina nabafowethu asidlanga sabelo sombusi.
15
Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.
16
Ngasebenza ngokuzikhandla emsebenzini wami wokwakha kabusha ugange, angizange ngizithengele nsimu. Zonke izinceku zami zazimatasatasa ekwakhiweni kabusha kogange.
17
Ngaphezu kwalokho ngangidla nabantu abayi-150, abaJuda nezikhulu, ngaphandle kwalabo abavela ezizweni esakhelene nazo.
18
Ngalolo nalolo suku kwakuhlatshwa inkabi nezimvu zekhethelo eziyisithupha, ngilungiselwe nezinkukhu. Kwakukhishwa iwayini eliningi, kanye ezinsukwini eziyishumi. Ngangazi ukuthi abantu bathwele umthwalo onzima kangakanani, ngakho-ke angizange ngisifune isabelo sombusi.
19
Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngakho konke okuhle engikwenzele laba bantu.
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 6 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13