bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Philippians 3
Philippians 3
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 4 →
1
Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Akungikhathazi ukuphinde nginilobele khona lokho, kodwa nina kuyanilonda.
2
Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye nabazisika imizimba.
3
Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,
4
nakuba bengingethembela enyameni. Uma kukhona ocabanga ukuthi unesizathu sokwethembela enyameni, mina ngineziningi.
5
Ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwana sakwaBhenjamini, umHebheru wamaHebheru, ngokomthetho ngingumFarisi.
6
Ngangiyisishisekeli esizingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.
7
Kepha lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKhristu.
8
Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,
9
ngifunyanwe kuye ngingenakho ukulunga okungokomthetho, kodwa lokho okuvela ngokukholwa nguKhristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,
10
ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe,
11
mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo.
12
Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu.
13
Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile, kodwa kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili;
14
ngiphokophele emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu, nguNkulunkulu kuJesu Khristu.
15
Thina sonke esipheleleyo masibe nokuqonda okunjalo. Kepha uma kwenzeka niba nokuqonda okwehlukileyo, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,
16
kuphela masibambelele kulokho esesifinyelele kukho.
17
Bazalwane, ngilingiseni, futhi nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.
18
Abaningi enganitshela ngabo ngiphindelela, kumanje ngisanitshela ngabo ngikhala izinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKhristu.
19
Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.
20
Kepha thina singabombuso wezulu, lapho futhi silangazelele khona ukubona uMsindisi, iNkosi uJesu Khristu.
21
NguYena oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo. Lokho uyakukwenza ngamandla akhe akwazi ukuzihlelela ngawo konke phansi kwakhe.
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 4 →
All chapters:
1
2
3
4