bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Romans 13
Romans 13
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 14 →
1
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.
2
Ngakho-ke omelana nabasemagunyeni, umelana nesimiso sikaNkulunkulu. Abamelana nabo bayakwemukeliswa ukulahlwa.
3
Ngokuba ababusi abesabeki kulabo abenza okuhle, kodwa kwabenza okubi. Uyathanda yini ukungamesabi osemagunyeni na? Yenza-ke okuhle, yena uyakukuncoma,
4
ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze sikwenzele okuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba, ngokuba akayiphatheli ize inkemba, phela uyisikhonzi sikaNkulunkulu, nophindisela ulaka kulowo owenza okubi.
5
Ngakho-ke kudingekile ukuwuthobela, hhayi nje ngenxa yolaka, kodwa nangenxa kanembeza.
6
Yingakho nithela intela, ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikukhuthalele lokho.
7
Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela; inkokhelo kofanele inkokhelo; ukwesaba kofanele ukwesatshwa; udumo kofanele udumo.
8
Ningabi nacala lanoma yini kunoma ngubani, kodwa elokuthandana, ngokuba othanda omunye, uwugcwalisile umthetho.
9
Lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ngabe ukhona omunye umyalo, kodwa kufingqwe kuleli lizwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
10
Uthando alukwenzi okubi kumakhelwane, ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
11
Yenzani lokhu, ngokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni. Ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunangaleso sikhathi esaqala ngaso ukukholwa.
12
Ubusuku sebuyedlula, imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome ngezikhali zokukhanya.
13
Asiziphathe kahle njengasemini, kungabi ngokuminza nokudakwa, kungabi ngobufebe namanyala, kungabi ngokuxabana nomhawu.
14
Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.
← Chapter 12
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 14 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16