bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Song of Solomon 8
Song of Solomon 8
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 7
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
1
Sengathi ngabe ungumfowethu esancela bele linye naye kumame! Uma bengingakuthola ngaphandle bengiyakukuqabula, ngingabe ngisabukelwa muntu phansi.
2
Bengizakukuhola ngikuse endlini kamame owangifundisa; mina ngikuphuzise iwayini elithakwe ngezinongo, nesiphuzo sami samahananadi.
3
Isandla sakho sokhohlo besiyokuba phansi kwekhanda lami, nesokunene, singigone.
4
Madodakazi aseJerusalema ngiyaniyala, ningalunyakazisi noma niluvuse uthando luze luzivukele lona.
5
Ngubani lo owenyukayo evela ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Ngakuvusa phansi kwesihlahla samahhabhula, lapho unyoko wahelelwa khona; wasikwa waze wakuzala.
6
Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla.
7
Amanzi amaningi ngeke alucima uthando, nemifula ayinakulukhukhula. Uma umuntu engakhipha yonke ingcebo yomuzi wakhe ngenxa yothando, impela bayomedelela nokumedelela.
8
Sinodadewethu omncane, ongakahlosi. Siyokwenzenjani ngaye ngosuku ayocelwa ngalo na?
9
Ukuba ubeludonga, besizokwakha umbhoshongwana wesiliva phezu kwakhe. Ukuba ubeyisivalo, besizomvalela ngamapulangwe omsedari.
10
Ngangilugange, namabele ami ayenjengemibhoshongo emehlweni akhe, njengofumene ukuthula.
11
USolomoni wayenesivini eBhali Hamoni. Wasiqashisela abalindi; yilowo nalowo mlindi wayezokhokha izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane, ngezithelo zaso.
12
Isivini sami siphambi kwami, inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.
13
Wena ohlala ezivandeni, abangani balalela izwi lakho; nami ake ungizwise lona.
14
Shesha, njengensephe, noma isixhumo sendluzelekazi ezintabeni zamakha, wena othandiweyo wami.
← Chapter 7
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8