bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
/
1 Corinthians 8
1 Corinthians 8
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
← Chapter 7
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 9 →
1
Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi. Ulwazi luyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.
2
Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi utho, akakazi njengalokhu kufanele ukuba azi.
3
Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.
4
Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.
5
Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini noma emhlabeni, njengokuba kukhona onkulunkulu abaningi, namakhosi amaningi,
6
Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.
7
Kepha ukwazi akukho kubo bonke abantu; nonembeza wabo obuthakathaka ungcolile.
8
Kepha ukudla akusitusi kuNkulunkulu; ngokuba noma sidla, asizuzi lutho; futhi, uma singadli, asibi.
9
Kepha qaphelani, funa lelo lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.
10
Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo obuthakathaka akayikudungeka yini ukuba adle okuhlatshelwe izithombe na?
11
Futhi ngolwazi lwakho umzalwane obuthakathaka amfelayo uKristu uyakubhubha na?
12
Kepha nxa nona kanjalo kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKristu.
13
Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kusesekhona, funa ngimkhubekise umzalwane wami.
← Chapter 7
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 9 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16