bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
/
2 Corinthians 9
2 Corinthians 9
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 10 →
1
Ngokuba maqondana nokusiza abangcwele akusadingekile ukuba nginibhalele;
2
Ngokuba ngiyakwazi ukushisekela kwenu, engizibonga ngakho ngani kwabaseMakedoniya, ukuthi i-Akhaya lalilungisile kwanyakenye; nokushisekela kwenu kucunule abaningi.
3
Kepha ngithumile abazalwane, ukuze ukuzibonga kwethu ngani kube yize kulokhu; ukuze, njengokutsho kwami, libe selilungile;
4
funa mhlawumbe uma abeMakedoniya beza kanye nami, banifumane ningakalungi, sijabhe thina (ukuba singasho nina) kulokhu kuziqhayisa ngakho.
5
Ngakho-ke ngibone kudingekile ukuba ngikhuthaze abazalwane, ukuba bandulele ukuza kini, futhi balungise ngaphambili isipho senu enasiphawula ngaphambili, sona sibe silungisiwe, sibe njengesibusiso, kungabi njengesokuhaha.
6
Kepha lokhu ngithi: Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana; nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.
7
Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo.
8
Futhi uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame; ukuze nihlale ninokwanela konke ezintweni zonke, nivame emisebenzini yonke emihle;
9
njengokulotshiweyo ukuthi: “Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kumi phakade.
10
Kepha opha imbewu kumhlanyeli okhonza isinkwa sokudla kwenu, andise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu;
11
licetshiswe ezintweni zonke kukho konke ukuphana, okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
12
Ngokuba ukukhonza kwalo kukhonza akugcwalisi ukuswela kwabangcwele kuphela, kodwa futhi kuvame ukubonga okuningi kuNkulunkulu;
13
Ngobufakazi balokhu kukhonza bayakhazimulisa uNkulunkulu ngenxa yokuthobela kwenu isivumo senu evangelini likaKristu, nangenxa yokupha kwenu ukuphana kwenu kubo nakubo bonke abantu;
14
nangokukhuleka kwabo ngani, benilangazelela ngenxa yomusa omkhulu kaNkulunkulu phakathi kwenu.
15
Akabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe esingakhulumekiyo.
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 10 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13