bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
/
2 Timothy 4
2 Timothy 4
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
1
Ngakho ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu neNkosi uJesu Kristu ozakwahlulela abaphilayo nabafileyo ngokubonakala kwakhe nombuso wakhe;
2
Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
3
Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;
4
njalo bazafulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphendukele ezinganekwaneni.
5
Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.
6
Ngokuba mina sengizanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.
7
Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga lami, ngigcinile ukukholwa;
8
Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo.
9
Yenza ngenkuthalo ukuthi uze kimi masinyane.
10
Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.
11
NguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba uyasiza kimi enkonzweni.
12
UThikhiku ngimthumele e-Efesu.
13
Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu, ekufikeni kwakho, ulethe kanye nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.
14
U-Aleksandru, umkhandi wethusi wangenza okubi okuningi; uJehova makamnike ngokwemisebenzi yakhe;
15
Mqaphele nawe; ngoba umelane kakhulu lamazwi ethu.
16
Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;
17
Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.
18
INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
19
Khonzani koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu.
20
U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula.
21
Khuthalela ukufika ngaphambi kobusika. Uyakhonza kuwe u-Eubhulo, noPude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.
22
INkosi uJesu Kristu mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. Amen. (Incwadi yesibili eya kuThimothewu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lase-Efesu, yalotshwa eRoma, lapho uPawulu elethwa phambi kukaNero okwesibili.)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
All chapters:
1
2
3
4