bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Kings 15
1 Kings 15
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 14
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 16 →
1
Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati u-Abiyamu waba yinkosi kwaJuda.
2
Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha, indodakazi ka-Abisalomu.
3
Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.
4
Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema,
5
ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.
6
Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
7
Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu.
8
U-Abiyamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
9
Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu, inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda.
10
Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.
11
U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise.
12
Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise.
13
Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.
14
Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.
15
Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.
16
Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.
17
UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.
18
U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunikela ezandleni zezinceku zakhe; inkosi u-Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi:
19
“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”
20
UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.
21
Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa.
22
Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda, akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa.
23
Zonke ezinye izindaba zika-Asa, nawo onke amandla akhe, nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe.
24
Wayeselala u-Asa koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
25
UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wesibili ka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili.
26
Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
27
UBahasha indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wamenzela ugobe; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti, ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni.
28
Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.
29
Kwathi eseyinkosi, wabulala yonke indlu kaJerobowamu, kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo,
30
ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
31
Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
32
Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.
33
Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka-Ahiya waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli wonke eTirisa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nane.
34
Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.
← Chapter 14
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 16 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22