bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
1 Samuel 31
1 Samuel 31
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 30
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
1
AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa.
2
AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule.
3
Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo.
4
USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.
5
Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye.
6
Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye.
7
Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.
8
Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa.
9
Amnquma ikhanda, athatha izikhali zakhe, azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu.
10
Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe ogangeni lwaseBeti Shani.
11
Sebezwile abakhe eJabeshi Gileyadi lokho amaFilisti ayekwenzile kuSawule,
12
kwasuka onke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule, nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona.
13
Athatha amathambo abo, awembela phansi komtamariske* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.
← Chapter 30
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31