bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
2 Corinthians 7
2 Corinthians 7
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 8 →
1
Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.
2
Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu; asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asidlanga muntu.
3
Angikusho ngokunilahla; ngokuba ngasho ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba sife kanye nani, siphile kanye nani.
4
Nginesibindi esikhulu ngani, nginokuzibonga okukhulu ngani; ngigcwele induduzo, nginentokozo enkulu kakhulu phezu kosizi lonke esinalo.
5
Ngokuba nasekufikeni kwethu eMakedoniya inyama yethu ayibanga nakuphumula, kodwa sakhathazeka nxazonke; ngaphandle kwakukhona ukulwa, ngaphakathi ukwesaba.
6
Nokho uNkulunkulu oduduza abadanileyo usiduduzile thina ngokufika kukaThithu,
7
kungabi ngokufika kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo aduduzwa ngayo ngani, esilandisa ngokungilangazelela kwenu, nangokungililela kwenu, nangokungishisekela kwenu, ngaze ngathokoza kakhulu.
8
Nakuba nganidabukisa ngencwadi yami, angizisoli; nakuba ngangizisola – ngiyabona ukuthi leyo ncwadi yanidabukisa noma kwaba yisikhathi nje –
9
manje ngiyathokoza, kungengokuba nadabukiswa, kodwa ngokuba nadabukiswa kwaba ngukuphenduka; ngokuba nadabukiswa ngokukaNkulunkulu, ukuze ningalahlekelwa lutho ngathi.
10
Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.
11
Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba.
12
Ngakho nakuba nganilobela, angilobanga ngenxa yowonileyo nokuba ngenxa yowoniweyo kodwa ukuze ukukhuthala kwenu ngenxa yethu kubonakaliswe kini phambi kukaNkulunkulu.
13
Ngalokho siduduzekile. Nasekududuzekeni kwethu sathokoza impela, ikakhulu ngokuthokoza kukaThithu, ngokuba umoya wakhe uhlunyelelwe yinina nonke;
14
ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani, angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso.
15
Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini, lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.
16
Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 8 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13