bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
2 Samuel 11
2 Samuel 11
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 12 →
1
Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.
2
Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.
3
UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?”
4
UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.
5
Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”
6
UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi: “Thuma kimi u-Uriya umHeti.” UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide.
7
Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.
8
UDavide wayesethi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.
9
Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.
10
UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?”
11
U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”
12
Wayesethi uDavide ku-Uriya: “Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo.
13
Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.
14
Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi, wayithuma ngesandla sika-Uriya.
15
Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.”
16
Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla.
17
Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.
18
UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi;
19
wasiyala isithunywa ngokuthi: “Lapho uqedile ukuyitshela inkosi zonke izindaba zempi,
20
kuyakuthi uma kuvuka intukuthelo yenkosi, ithi kuwe: ‘Nisondeleleni kangako emzini ukulwa na? Beningazi yini ukuthi bebeyakucibishela besogangeni na?
21
Ngubani owabulala u-Abimeleki indodana kaJerubesheti na? Angithi owesifazane esogangeni wamphonsa ngembokodwe, wafa eThebesi, na? Nisondeleleni kangako ogangeni na?’ uthi: ‘Inceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.’ ”
22
Sase sihamba isithunywa, safika samtshela uDavide konke esasikuthunyelwe nguJowabe.
23
Isithunywa sathi kuDavide: “Amadoda ayesehlula, asiphumela endle, kepha sawaficezela kwaze kwaba sesikhaleni sesango.
24
Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besogangeni; ezinye izinceku zenkosi zifile, nenceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.”
25
UDavide wayesethi kuso isithunywa: “Uyakusho kanje kuJowabe, uthi: ‘Le nto mayingabi mbi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe;’ bese wumqunga isibindi.”
26
Umka-Uriya esezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe.
27
Sekuphelile ukulila, uDavide wathuma wamletha endlini yakhe; waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kepha leyo nto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 12 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24