bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
2 Thessalonians 1
2 Thessalonians 1
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 2 →
1
OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Kristu:
2
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.
3
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula,
4
kuze kuthi thina ngokwethu sizincome ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa ekuzingelweni kwenu konke nasezinhluphekweni enibekezela kuzo,
5
okuyisiboniso sokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu, ukuze kuthiwe ningabalungele umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo,
6
uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,
7
aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe,
8
elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,
9
abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,
10
nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe, abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.
11
Ngenxa yalokho siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nibe ngabafanele ukubizwa kwenu, agcwalise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa,
12
ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazimuliswe kini, nani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Kristu.
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3