bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Acts 25
Acts 25
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 24
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 26 →
1
Kwathi uFestu engenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema;
2
abapristi abakhulu nezikhulu zabaJuda base bemangalela uPawulu kuye, bamncenga,
3
bazicelela umusa ngaye wokuba ambizele eJerusalema, becebile ukumqamekela ukuba bambulale endleleni.
4
Kepha uFestu waphendula ngokuthi uPawulu ugcinwe eKesariya nokuthi naye usezakuya khona masinyane;
5
wathi: “Izikhulu phakathi kwenu azehle nami; uma kukhona utho olubi kuleyo ndoda, aziyimangalele.”
6
Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.
7
Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,
8
lapho uPawulu eziphendulela ngokuthi: “Angonanga ngalutho nasemthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKesari.”
9
Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?”
10
UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.
11
Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”
12
Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”
13
Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu.
14
Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe;
15
kwathi ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda babika ngaye becela ukuba ilahlwe;
16
ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.
17
Ngakho sebebuthene lapha, angilibalanga; ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba leyo ndoda ilethwe;
18
basukuma-ke abayimangalelayo, kepha abavezanga cala ngayo lalezo zinto ezimbi ebengizicabangile mina,
19
kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila.
20
Kuthe mina ngisakhohliwe ukuthi leyo ndaba ngizakuyihlola kanjani, ngathi angathanda yini ukuya eJerusalema ukuba ahlulelwe khona ngalezo zinto.
21
Kepha uPawulu eselidlulisile wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKesari.”
22
U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami bengithanda ukumuzwa lowo muntu.” Wathi: “Uzakumuzwa ngomuso.”
23
Khona ngangomuso kwafika o-Agripha noBernike ngemvunulo enkulu, bangena endlini yamacala kanye nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi; uFestu wayala ukuba uPawulu alethwe.
24
UFestu wathi: “Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi, niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila.
25
Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma.
26
Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi; ngakho ngimlethile phambi kwenu, ikakhulu phambi kwakho, nkosi Agripha, ukuze kuthi sekuhloliwe, ngibe nakho engingakuloba.
27
Ngokuba mina ngokwami ngithi akuqondile, uma kuthunyelwa isiboshwa, kungakhonjwa amacala aso.”
← Chapter 24
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 26 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28