bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Amos 9
Amos 9
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
1
Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.
2
Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.
3
Noma becasha esiqongweni saseKarmeli, ngiyakubafunisisa, ngibakhiphe khona; nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle, ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.
4
Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”
5
INkosi uNkulunkulu Sebawoti yiyo ethinta umhlaba, uncibilike, bakhale bonke abakhileyo kuwo; uyakukhukhumala wonke njengeNayile, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;
6
yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini, isekele igobela lawo emhlabeni; yiyona ewabizayo amanzi olwandle, iwathululele ebusweni bomhlaba; nguJehova igama layo.
7
“Aninjengabantwana bakwaKushe kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova. “Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe, namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”
8
“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.
9
“Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza, ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli phakathi kwabo bonke abezizwe, njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo, kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.
10
Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba, zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”
11
“Ngalolo suku ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo, ngivale imifantu yalo; ngiyakumisa izihlephu zalo, ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,
12
ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,” usho uJehova okwenza lokhu.
13
“Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.
14
Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe imizi echithekileyo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo; bayakwenza nezivande, badle izithelo zazo.
15
Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9