bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Colossians 4
Colossians 4
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
1
Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini.
2
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
3
Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,
4
ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma.
5
Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.
6
Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
7
Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini,
8
engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu,
9
kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha.
10
Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye – uma efika kini mamukeleni –
11
noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi.
12
Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.
13
Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi.
14
Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.
15
Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya, nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe.
16
Nxa le ncwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya.
17
Nimtshele u-Arkiphu, nithi: “Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.”
18
Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami, mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
All chapters:
1
2
3
4