bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Ephesians 5
Ephesians 5
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 6 →
1
Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,
2
nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.
3
Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,
4
nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga.
5
Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.
6
Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli.
7
Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.
8
Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,
9
ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni,
10
nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini,
11
ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;
12
ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
13
Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya.
14
Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”
15
Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,
16
nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
17
Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.
18
Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,
19
niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu,
20
nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,
21
nithobelane ngokumesaba uKristu.
22
Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi,
23
ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
24
Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.
25
Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo
26
ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,
27
ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala.
28
Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
29
Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla;
30
ngokuba singamalungu omzimba wakhe.
31
Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye.
32
Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
33
Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 6 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6