bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Ezekiel 30
Ezekiel 30
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 29
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 31 →
1
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
2
“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Hhewulani, nithi: “Wo ngalolo suku!”
3
Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaJehova luseduze; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.
4
Inkemba iyakulehlela iGibithe, kube yimihelo eKushe, lapho abagwaziweyo bewa eGibithe; bayakususa ingcebo yalo, kudilizwe izisekelo zalo.
5
IKushe, noPhuthi, noLude, nayo yonke ingxubevange yezizwe, neKhubi, nabamazwe ahlangeneyo bayakuwa nabo ngenkemba.
6
“ ‘Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Nabo abaliphasa iGibithe bayakuwa, ukukhukhumala kwamandla alo kuyakwehla; kusukela eMigidoli kuze kube seSevene bayakuwa kulo ngenkemba, isho iNkosi uJehova.
7
“ ‘Bayakuchithakala phakathi kwamazwe achithekileyo, imizi yalo ibe phakathi kwemizi echithekileyo.
8
Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiphembe umlilo eGibithe, bachotshozwe bonke abasizi balo.
9
“ ‘Ngalolo suku kuyakuphuma izithunywa phambi kwami ngemikhumbi ukwesabisa amaKushe anokwethemba, kube yimihelo phezu kwawo ngosuku lweGibithe, ngokuba bheka, luyeza.
10
“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakuqeda isixuku saseGibithe ngesandla sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele.
11
Yena nabantu bakhe kanye naye, abesabekayo bezizwe, bayakulethwa ukuba bachithe izwe, bahoshele iGibithe izinkemba zabo, bagcwalise izwe ngabagwaziweyo.
12
Ngiyakwenza imifula ishe, ngithengise ngezwe esandleni sababi, ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi; mina Jehova ngikukhulumile.
13
“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngiyakuzichitha izithombe, ngiqede onkulunkulu eNofi; akusayikubakho sikhulu esivela ezweni laseGibithe, ngibeke ukwesaba ezweni laseGibithe.
14
Ngiyakwenza ize iPhatirosi, ngiphembe umlilo eSowani, ngenze ukwahlulela eNo.
15
Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini, inqaba yaseGibithe, nginqume isixuku saseNo.
16
Ngiyakuphemba umlilo eGibithe, iSini libe nemihelo emikhulu, iNo lifohlwe, iNofi lihlaselwe emini.
17
Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba, imizi iye ekuthunjweni.
18
EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama, lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.
19
Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”
20
Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yokuqala ngolwesikhombisa lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:
21
“Ndodana yomuntu, ngaphulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi, kufakwe umzongolozelo wokubopha, ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba.
22
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.
23
Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.
24
Ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo; kepha ngiyakwaphula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwami ngokububula kogwaziweyo.
25
Yebo, ngiyakuqinisa izingalo zenkosi yaseBabele, izingalo zikaFaro ziwe, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBabele; yona iyakuyelula phezu kwezwe laseGibithe.
26
Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni, bazi ukuthi nginguJehova.”
← Chapter 29
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 31 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48