bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Galatians 6
Galatians 6
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
1
Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.
2
Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.
3
Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.
4
Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye,
5
ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.
6
Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo kuzo zonke izinto ezinhle.
7
Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.
8
Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
9
Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
10
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
11
Ake nibone ukuloba okungaka enginilobele ngakho ngesami isandla.
12
Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.
13
Ngokuba ngisho bona abasokayo nabo kabawugcini umthetho, kodwa bathanda ukuba nisoke, ukuze bazibonge ngenyama yenu.
14
Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.
15
Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela.
16
Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, ku-Israyeli kaNkulunkulu.
17
Mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngiphethe emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.
18
Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
All chapters:
1
2
3
4
5
6