bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Isaiah 19
Isaiah 19
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 51
Chapter 52
Chapter 53
Chapter 54
Chapter 55
Chapter 56
Chapter 57
Chapter 58
Chapter 59
Chapter 60
Chapter 61
Chapter 62
Chapter 63
Chapter 64
Chapter 65
Chapter 66
Chapter 20 →
1
Isiprofetho ngeGibithe. Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane, uyeza eGibithe; onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe, nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.
2
“Ngiyakuvusa abaseGibithe ukuba bamelane nabaseGibithe, balwe, kube yilowo nalowo nomfowabo, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, umuzi nomuzi, umbuso nombuso.
3
Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.
4
Ngiyakubanikeza abaseGibithe esandleni senkosi elukhuni, nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.
5
Amanzi ayakuphela elwandle, umfula wome, ushe.
6
Imifula iyakunuka, imifudlana yaseGibithe iyakuncipha, yome, kubune umhlanga nebungu.
7
Kuyakuba khona uqwathule ngaseNayile, ngasogwini lweNayile, nakho konke okutshaliwe ngaseNayile kuyakoma, kuhlakazwe, kungabe kusababikho.
8
Abadobi bayakukhala, balile, bonke abaphonsa udobo eNayile; nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.
9
Bayakujabha abasebenza ngefilakisi* eliklayiweyo kanye nabaluki belineni.
10
Izisekelo zalo ziyakwaphulwa, bonke abasebenza ngokuqashwa badabuke ngenhliziyo.
11
Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela, nesiluleko sabaluleki abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: “Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?
12
Pho, baphi abahlakaniphileyo bakho na? Mabakutshele, bakwazise lokhu akucebile uJehova Sebawoti ngeGibithe.
13
Izikhulu zaseSowani ziphendukile iziwula, izikhulu zaseNofi zikhohlisiwe; balidukisile iGibithe abangamatshe amagumbi ezizwe zalo.
14
UJehova uthulule umoya ophambeneyo phakathi kwabo, baze balintengantengise iGibithe kuyo yonke imisebenzi yalo njengesidakwa sintengantenga ebuhlanzweni baso.
15
IGibithe aliyikuba namsebenzi oyakwenziwa yikhanda nomsila, negatsha lesundu nomhlanga.
16
Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo.
17
Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.
18
Ngalolo suku kuyakuba yimizi eyisihlanu ezweni laseGibithe eyakukhuluma ulimi lwaseKhanani, ifunge uJehova Sebawoti; omunye uyakuthiwa uMuzi Welanga.
19
Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.
20
Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe, ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.
21
UJehova uyakuzazisa eGibithe, nabaseGibithe bayakumazi uJehova ngalolo suku, bamkhonze ngomhlatshelo nomnikelo, benze izithembiso kuJehova, bazigcwalise.
22
UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.
23
Ngalolo suku kuyakuba khona umendo ophuma eGibithe uye e-Asiriya; i-Asiriya liyakungena eGibithe, iGibithe lingene e-Asiriya, iGibithe likhuleke kanye ne-Asiriya.
24
Ngalolo suku u-Israyeli uyakuba ngowesithathu kanye neGibithe ne-Asiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba,
25
uJehova Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: “Malibusiswe iGibithe abantu bami, ne-Asiriya umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”
← Chapter 18
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 51
Chapter 52
Chapter 53
Chapter 54
Chapter 55
Chapter 56
Chapter 57
Chapter 58
Chapter 59
Chapter 60
Chapter 61
Chapter 62
Chapter 63
Chapter 64
Chapter 65
Chapter 66
Chapter 20 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
49
50
51
52
53
54
55
56
57
58
59
60
61
62
63
64
65
66