bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Leviticus 20
Leviticus 20
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 19
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 21 →
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
“Futhi uyakusho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo wabantwana bakwa-Israyeli, noma owabafokazi abagogobeleyo kwa-Israyeli, onikela ngenzalo yakhe kuMoloki, wobulawa nokubulawa, abantu balelo zwe bamkhande ngamatshe.
3
Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.
4
Uma abantu balelo zwe besitheza kancane amehlo abo kulowo muntu, lapho enikela ngenzalo yakhe kuMoloki, bangambulali,
5
ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo kanye nabo bonke abaya kuye ukuphinga, beyophinga noMoloki.
6
“ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.
7
“ ‘Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.
8
Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.
9
“ ‘Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.
10
“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa.
11
“ ‘Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
12
“ ‘Uma umuntu elala nomalokazana wakhe, bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo.
13
“ ‘Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
14
“ ‘Uma umuntu ethatha umfazi kanye nonina, kungukonakala; bayakushiswa ngomlilo yena nabo, ukuze kungabikho konakala phakathi kwenu.
15
“ ‘Uma umuntu elala nesilwane, wobulawa nokubulawa, nisihlabe isilwane.
16
“ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni, alale naso, wobulala owesifazane nesilwane; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
17
“ ‘Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe, naye abone ubunqunu bakhe, kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana babantu bakubo; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.
18
“ ‘Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe, naye wambulile umthombo wegazi lakhe; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.
19
“ ‘Ungambuli ubunqunu bukadadewabo kanyoko, noma obukadadewabo kayihlo, ngokuba unqunisile isihlobo sakhe; bayakuthwala ububi babo.
20
“ ‘Uma umuntu elala nomkayisekazi, wambulile ubunqunu bukayisekazi; bayakuthwala isono sabo; bayakufa beyizimpulule.
21
“ ‘Uma umuntu ethatha umkamfowabo, kungukungcola; wambulile ubunqunu bomfowabo; bayakuba yizimpulule.
22
“ ‘Ngalokho anogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izahlulelo zami, nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.
23
Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu, ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo.
24
Kepha ngishilo kini ukuthi: “Niyakulidla ifa lezwe labo, ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi,” nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.
25
“ ‘Ngalokho anohlukanisa izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo, izinyoni ezingcolileyo nezihlambulukileyo, ningenzi imiphefumulo yenu inengeke ngesilwane noma ngenyoni noma ngantoni enwabuzelayo emhlabeni, engizahlukanisile nani, ngathi zingcolile.
26
Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.
27
“ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.’ ”
← Chapter 19
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 21 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27