bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Micah 6
Micah 6
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 7 →
1
Ake nizwe akushoyo uJehova, ethi: “Suka ulwe phambi kwezintaba, uzwise amagquma izwi lakho.
2
Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo.
3
“Bantu bami, ngenzeni kini; kuyini enginikhathaze ngakho na? Ngiphenduleni.
4
Nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yezigqila, ngathuma phambi kwenu oMose, no-Aroni, noMiriyamu.
5
Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori, nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali, nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.”
6
Ngiyakusondela kuJehova nginantoni, ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na? Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole amnyaka munye, na?
7
UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?
8
Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?
9
Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi. Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa; zwanini induku noyimisileyo.
10
Kusekhona inzuzo embi endlini yababi, ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?
11
“Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esibi nesikhwama sezisindo ezikhohlisayo na?
12
“Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova, nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.
13
Ngalokho mina ngiyakugulisa ngokushaya, ngikuchithe ngenxa yezono zakho.
14
Lapho udlayo, awuyikusutha, kube khona ukulamba phakathi kwakho; uyakususa, ungakhululi kodwa, nokukhululayo ngiyakukukhaphela enkembeni.
15
“Uyakutshala, ungavuni kodwa; uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.
16
Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”
← Chapter 5
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 7 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7