bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Nahum 2
Nahum 2
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 3 →
1
Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba, ulinde indlela, uqinise izinkalo zakho, uwenze amandla akho ukuba aqine.
2
Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe njengokuphakama kuka-Israyeli, lokhu abathululayo bebathululile, bachitha amagatsha emivini yabo.
3
Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu, amadoda anamandla embethe okubomvu; izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe; imikhonto iyaveva.
4
Izinqola ziyahlanya ezitaladini, ziyaficana ezigcawini; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.
5
Useyakhumbula izikhulu zakhe, ziyakhubeka ekuhambeni kwazo; zisheshela izingange zakhona, izivikelo ziyalungiswa.
6
Amasango emifula ayavulwa, indlu yamakhosi iyancibilika.
7
Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe; izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba, zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.
8
Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo, nokho bayabaleka. “Yimani, yimani!” Kepha akakho ophendukayo.
9
Phangani isiliva! Phangani igolide! Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.
10
Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.
11
Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamabhongo ezingonyama, lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama, kungekho okwesabisayo na?
12
Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo, yabindela izingonyamakazi zayo; yagcwalisa imiphandu yayo ngempango nemigede yayo ngengcugco.
13
“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakushisa izinqola zakho emsini, inkemba idle amabhongo akho ezingonyama; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 3 →
All chapters:
1
2
3