bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Zephaniah 2
Zephaniah 2
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 3 →
1
Buthanani, yebo, buthana, sizwe esingenamahloni,
2
isimiso singakazali lolo suku ludlula njengamakhoba lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
3
Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.
4
Ngokuba iGaza liyakushiywa, i-Ashikeloni libe yincithakalo; bayakulixosha i-Ashidodi emini, i-Ekroni lisishulwe.
5
Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle, isizwe samaKhereti! Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani, lizwe lamaFilisiti. “Ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.”
6
Ugu lolwandle luyakuba ngamadlelo, lube nemigodi yabelusi nezibaya zezimvu.
7
Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda, yaluse kulo; ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.
8
“Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabi nezithuko zabantwana bakwa-Amoni abathuke ngazo abantu bami, bazikhulisela imikhawulo yabo.
9
Ngalokho, kuphila kwami,” usho uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora, izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade; insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”
10
Lokhu kuyakuba sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo, ngokuba bathukile, bazikhulisela abantu bakaJehova Sebawoti.
11
UJehova uyakwesabeka phezu kwabo, ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba, bakhuleke kuye, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, zonke iziqhingi zezizwe.
12
“Nani maKushe niyakubulawa ngenkemba yami.”
13
Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho, achithe i-Asiriya, alenze iNineve libe yincithakalo, lome njengehlane.
14
Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo, zonke izilwane zesizwe, ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo, isikhova sikhale emafasiteleni, kube khona incithakalo emigulugulwini, ngokuba wambulile okwemisedari.*
15
Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile, owathi enhliziyweni yawo: Mina ngikhona, akakho omunye; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa, banikine isandla sabo.
← Chapter 1
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 3 →
All chapters:
1
2
3