bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Thessalonians 1
1 Thessalonians 1
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 2 →
1
UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu uBaba, naseNkosini uJesu Khristu: makube kini umusa nokuthula.
2
Simbonga njalo uNkulunkulu ngani nonke, sinikhulekela singaphezi emikhulekweni yethu,
3
sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu.
4
Siyazi ukukhethwa kwenu nguNkulunkulu, bazalwane abathandiweyo,
5
ngokuba ivangeli lethu alifikanga ngamazwi nje kuphela, kodwa ngamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu, ngenxa yenu.
6
Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,
7
ngangoba naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo abaseMakhedoniya nase-Akhaya.
8
Ngokuba izwi leNkosi lizwakele livela kini, hhayi nje kuphela eMakhedoniya nase-Akhaya, kodwa ezindaweni zonke lapho bezwe khona ngokukholwa kwenu kuNkulunkulu, ngakho-ke akusadingeki ukuba sikhulume ngakho.
9
Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;
10
nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3
4
5