bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Timothy 3
1 Timothy 3
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 4 →
1
Lithembekile leli lizwi elithi: uma umuntu efisa ukuba ngumphathi, ulangazelela umsebenzi omuhle.
2
Ngakho-ke kufanele ukuba umphathi abe ngumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, ozithibayo, ohloniphekileyo, opha izihambi, onobuciko bokufundisa,
3
ongesiyo inkolotshe yewayini, ongesiso isidlova, kodwa omnene, ongenalo uchuku, ongayikhonzile imali,
4
ophatha kahle umuzi wakhe; abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke.
5
Kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha kahle umuzi wakhe, pho angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?
6
Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane.
7
Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.
8
Ngokunjalo namadikoni kufanele abe ngahloniphekile, angabi nolimi olumbaxambili, angabi zinkolotshe zewayini, angayihaheli inzuzo embi,
9
kodwa agcine imfihlakalo yokukholwa ngonembeza omsulwa.
10
Kufanele ahlolwe kuqala andukuba abe ngamadikoni, abe ngangasolekiyo.
11
Ngokunjalo nabesifazane mababe ngabahloniphekileyo, abangahlebi, abazithibayo, futhi abathembekile ezintweni zonke.
12
Amadikoni mawabe mfazi munye, akwazi ukuphatha kahle abantwana bawo nemizi yawo.
13
Ngokuba lawo akhonze kahle, azuza igama elihle nesibindi esikhulu ekukholweni kuKhristu uJesu.
14
Ngikulobela lokhu ngethemba lokuthi ngizakuza kuwe kungakapholi maseko.
15
Kepha uma ngilibala, yazi ukuthi abantu kumele baziphathe kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.
16
Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.
← Chapter 2
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 4 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6