bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
1 Timothy 4
1 Timothy 4
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 5 →
1
Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni,
2
ngenxa yobumbulu babaqambimanga, abashiswe uphawu kunembeza wabo.
3
Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.
4
Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akukho nakunye okumele kulahlwe, uma kwamukelwa ngokubonga,
5
ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko.
6
Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo.
7
Kepha zale izinganekwane ezingcolileyo zezalukazi, nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu,
8
ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.
9
Lithembekile leli lizwi, lifanele impela ukwemukelwa,
10
ngokuba yilokho esikukhandlekelayo, nesikushikashikelayo; lokhu sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.
11
Yala ngalezi zinto, futhi ufundise ngazo.
12
Makungabi bikho muntu owedelela ubusha bakho, kodwa yiba yisibonelo kwabakholwayo ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokukholwa nangokuhlanzeka.
13
Qikelela ukuba ufunde, uyale, ufundise, ngize ngifike.
14
Ungasidebeseli isiphiwo sakho, owasiphiwa ngezwi elaphrofethwa, nangokubeka izandla ngamalunga.
15
Yenza lezi zinto, uzinikele kuzo, ukuze ukuqhubekela phambili kwakho kubonwe yibo bonke.
16
Ziqaphele wena nemfundiso, uphikelele kukho, ngokuba ngokwenza lokho uyakuzisindisa wena nalabo abakuzwayo.
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 5 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6