bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Acts 18
Acts 18
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 17
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 19 →
1
Emveni kwalokho, uPawula wasuka e-Athene waya eKhorinte.
2
Wafumana lapho umJuda othile, ogama lakhe ngu-Akhwila odabuka ePhontu, owayesanda kufika evela e-Ithaliya, nomkakhe uPhrisila, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda baphume baphele eRoma; naye-ke weza kubona.
3
Ngokuba wayenza umsebenzi ofanayo nowabo, wahlala nabo, basebenza, ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amathende.
4
Wayeqagulisana nabo njalo ngeSabatha esinagogeni, wazuza abaJuda namaGriki.
5
Kwathi sekufike uSila noThimothewu bevela eMakhedoniya, uPawula wagxila kakhulu ezwini, efakaza kubaJuda ngokuthi uJesu unguKhristu.
6
Kepha bamphikisa, behlambalaza, wayesethintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu, mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”
7
Esesukile lapho, wangena endlini yomuntu, ogama lakhe nguThithu Justu, owayekhonza uNkulunkulu; indlu yakhe iseceleni kwesinagoge.
8
UKhrisphu, umphathi wesinagoge nabo bonke abendlu yakhe, bakholwa yiNkosi; nabanye abaningi baseKhorinte abalalela, bakholwa, babhabhadiswa.
9
INkosi yathi kuPawula ngombono ebusuku: “Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli,
10
ngokuba Mina nginawe, akukho namunye ozakukuhlasela, akulimaze, lokhu nginabantu abaningi kulo muzi.”
11
Wahlala lapho unyaka nezinyanga eziyisithupha, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
12
Kwathi uGaliyu esengumbusi wase-Akhaya, abaJuda nganhliziyonye, bamvukela uPawula, bamyisa phambi kwesihlalo sokwehlulela,
13
bathi: “Lo muntu unxenxa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.”
14
Kuthe uPawula esathi nje uvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “Nina baJuda ndini, ukuba bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele,
15
kodwa uma kungukuqophisana ngamazwi, ngamagama nangomthetho wakini, ziboneleni nina. Mina angifuni ukuba ngumehluleli walokho.”
16
Wayesebaxosha phambi kwesihlalo sokwehlulela.
17
Khona bonke badumela uSostene, umphathi wesinagoge, bamshaya phambi kwesihlalo sokwehlulela, kodwa uGaliyu wakushaya indiva lokho.
18
Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.
19
Bafika e-Efesu, wayesebashiya lapho; yena wangena esinagogeni, waqophisana nabaJuda.
20
Kwathi noma bemncenga ukuba ahlale nabo isikhathi esijana, akaze avuma,
21
kodwa wavalelisa, wathi: “Ngizobuya futhi lapha kini, uma uNkulunkulu evuma.” Wayesesuka e-Efesu ngomkhumbi.
22
Kuthe esefikile eKhesariya, wakhuphuka wayobingelela ibandla, wayesehlela e-Antiyokhiya.
23
Kwathi esehlale khona isikhathi esithile, wahamba, wadabula eGalathiya naseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.
24
UmJuda othile, ogama lakhe kungu-Apholo, wase-Aleksandriya ngokudabuka, indoda efundile futhi enolwazi olunzulu emibhalweni, wafika e-Efesu.
25
Yena wayeyifundisiwe indlela yeNkosi, evutha emoyeni, wakhuluma, wafundisa ngokucacile ngezindaba eziqondene noJesu, kodwa wayazi kuphela umbhabhadiso kaJohane.
26
Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu.
27
Kuthe esefuna ukwedlulela e-Akhaya esekhuthaziwe, abazalwane base belobela abafundi ukuba bamamukele. Esefikile lapho, wabasiza kakhulu labo abakholwayo ngomusa,
28
ngokuba wabaphikisa abaJuda ngamandla phambi kwabantu, ekhomba ngemibhalo ukuthi uJesu unguKhristu.
← Chapter 17
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 19 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28