bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Acts 28
Acts 28
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 27
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
1
Kwathi sesifikile endaweni ephephile, sezwa ukuthi leso siqhingi kuthiwa iMelitha.
2
Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, sebebase umlilo, basemukela sonke, ngenxa yokuba lalina futhi kumakhaza.
3
UPawula esethezile isixha sezinswani, wasifaka emlilweni, kwathi ngenxa yokushisa kwaphuma inyoka, yazithandela esandleni sakhe.
4
Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”
5
Kepha wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.
6
Babheka belindele ukuthi usazovuvuka noma afumbeke phansi ngokushesha, afe, kodwa sebelinde isikhathi eside, bebona engehlelwa ngozi, base beguqula umqondo, bathi ungunkulunkulu.
7
Kuleyo ndawo kwakukhona izwe lesikhulu sesiqhingi, igama lesikhulu kwakunguPhubhiliyu, sona sasamukela sasiphatha kahle; sahlala izinsuku ezintathu.
8
Kepha uyise kaPhubhiliyu wayenomkhuhlane, elele phansi. UPawula wangena lapho elele khona, wathandaza, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.
9
Sekwenzekile lokho, iningi labantu basesiqhingini baletha nabanye ababenezifo, baphiliswa.
10
Basihlonipha kakhulu impela, kwathi mhla sihamba ngomkhumbi, basipha esikudingayo.
11
Emva kwezinyanga ezintathu, sahamba ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawume esiqhingini ukuze kwedlule ubusika, owawunophawu lwamaWele.
12
Sesingene echwebeni eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu.
13
Sesisuka lapho sagwegwa saze safika eRegiyu, ngokuba kwavuka umoya waseningizimu, kwathi ngosuku lwesibili safinyelela ePhutheyoli.
14
Safumana khona abazalwane, basimema ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho safika eRoma.
15
Kuthe abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza kithi bezosihlangabeza, baze bafika e-Aphiyo Foru naseThresi Thaberne. Kwathi ebabona uPawula, wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.
16
Sesifikile eRoma, uPawula wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.
17
Kwathi sekwedlule izinsuku ezintathu, wabiza labo abadumile babaJuda ukuba beze kuye. Sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, nakuba mina kungekho lutho oluphambene nesizwe namasiko okhokho engilwenzileyo, nokho ngisuswe eJerusalema ngiboshiwe, nganikelwa ezandleni zamaRoma.
18
Athi esengihlolile, afuna ukungikhulula, ngokuba athi awafumani cala kimi elifanelwe ukuba ngife.
19
Kepha abaJuda bakuphikisa lokho, ngaze ngaphoqeka ukuba icala ngiledlulisele eRoma kuKhesari, hhayi ngoba ngimangalela isizwe sakithi ngento ethile.
20
Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”
21
Base bethi kuye: “Thina akukho ncwadi evela eJudiya esiyitholile emayelana nawe, futhi akukho muntu kubazalwane ofikile ukubika noma ukukunyembenya.
22
Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”
23
Sebemmisele usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebanxenxa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaphrofethi, kusukela ekuseni kwaze kwaba kusihlwa.
24
Abanye baneliswa yilokho okwakhulunywayo, kodwa abanye abakholwanga.
25
Kwathi ukuba bangezwani bodwa, base behlakazeka, uPawula wakhuluma izwi laba linye lokuthi: “UMoya oNgcwele wakhuluma kahle ngo-Izaya umphrofethi kokhokho benu, ethi:
26
“ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Niyakuzwa nokuzwa, kepha ningaqondi, niyakubona nokubona, ningabonisisi,
27
ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; sizwa kanzima ngezindlebe, amehlo aso siwavalile, funa mhlawumbe sibone ngamehlo, sizwe ngezindlebe, siqonde ngenhliziyo, siphenduke; ngisiphilise.” ’
28
“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”
29
Kwathi esekushilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo.
30
UPawula wahlala iminyaka emibili epheleleyo endlini yakhe ayeyiqashile, emukela bonke abeza kuye,
31
eshumayela umbuso kaNkulunkulu, efundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu uKhristu, ngaphandle kokuphazanyiswa.
← Chapter 27
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28