bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Amos 1
Amos 1
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 2 →
1
Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.
2
Wathi: “USimakade uyabhonga eZiyoni, azwakalise izwi lakhe eJerusalema. Amadlelo abelusi ayagagadeka, nesicongo seKharmeli siyabuna.”
3
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseDamaseku, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba babhula iGiliyadi ngezinsingo zensimbi.
4
Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.
5
Ngiyakwaphula imigoqo yamasango eDamaseku, ngibhubhise izakhamuzi zasesigodini i-Aveni, nophethe intonga yobukhosi eBhethi Edeni. Abantu base-Aramu bayakuthunjelwa eKhiri,” kusho uSimakade.
6
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.
7
Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.
8
Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.
9
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.
10
Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire, uyakungqongqisa izinqaba zalo.”
11
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.
12
Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”
13
Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.
14
Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.
15
Inkosi yabo iyakuthunjwa, yona kanye nezikhulu zayo,” kusho uSimakade.
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9