bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Amos 4
Amos 4
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 5 →
1
Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”
2
INkosi uSimakade ifungile ngobungcwele bayo, yathi: “Bhekani-ke, ziyonifikela izinsuku lapho niyakuthathwa ngezingwegwe, nezizukulwane zenu ngezindobo zokudoba.
3
Niyakuphuma ngamunye ngamunye ngezintuba, nilahlwe eHermoni,” kusho uSimakade.
4
“Wozani eBhethele, nizokona, naseGiligali, nizokwandisa iziphambeko, nilethe imihlatshelo yenu njalo ekuseni, nokweshumi kwenu ngezinsuku ezintathu.
5
Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo, nimemezele iminekelo yesihle, niqhoshe ngayo, ngokuba nithanda ukwenza kanjalo, bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.
6
“Mina nganilethela indlala kuyo yonke imizi yenu, nokuntula isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.
7
“Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.
8
Imizi emibili noma emithathu yadiyazela, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; nakuba kunjalo kepha anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.
9
“Nganishaya ngokuhwamuka nesikhutha; izivande zenu ezininingi, izivini zenu, imikhiwane yenu neminqumo yenu kwadliwa yisikhonyane, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.
10
“Nganithumelela ubhubhane ngendlela efanayo neyaseGibhithe, ngazibulala ngenkemba izinsizwa zenu, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba iphunga lokunuka kwenkambu yenu likhuphukele emakhaleni enu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.
11
“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.
12
“Ngakho-ke ngiyakwenza kanjalo kuwe, Israyeli, njengoba-ke ngiyakwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”
13
Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba, wadala umoya, Yena otshela abantu imicabango yakhe, owenza intathakusa ibe ngubumnyama, ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe nguSimakade, uNkulunkulu Wamabandla.
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 5 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9