bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Genesis 7
Genesis 7
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 8 →
1
USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane.
2
Thatha amabhanqa ayisikhombisa azo zonke izilwane ezihlanzekile, iduna nensikazi, nakulezo ezingahlanzekile uthathe ngazimbili, iduna nensikazi.
3
Uthathe kulo lonke uhlobo lwezinyoni zezulu zibe ngamabhanqa ayisikhombisa: iduna nensikazi, ukuze kulondolozeke izinhlobo zazo emhlabeni wonke.
4
Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.”
5
UNowa wakwenza konke lokho njengalokhu uSimakade ayemyalile.
6
UNowa wayeseneminyaka engama-600 ngesikhathi liyithela ekazamcolo emhlabeni.
7
UNowa nowakwakhe namadodana akhe nomkawo bangena emkhunjini ukuze baphephe ezikhukhuleni zikazamcolo.
8
Izilwane nazo zangena ngazimbili kwezihlanzekile nezingahlanzekile, nezinyoni ngokunjalo, nezilwane zonke ezihuquzelayo emhlabeni,
9
zangena emkhunjini ngazimbili, iduna nensikazi kanye noNowa njengokuba uNkulunkulu ayeshilo kuye.
10
Uzamcolo waqala emhlabeni emva kwezinsuku eziyisikhombisa.
11
Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu.
12
Lana emhlabeni imini nobusuku izinsuku ezingama-40.
13
Ngalolo lusuku uNowa nowakwakhe namadodana akhe, uShemu, uHamu, noJafethi, nomkabo bobathathu bangena emkhunjini.
14
Kwangena zonke izilwane zasendle ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, ezihuquzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izinyoni zezulu ngezinhlobo zazo, nakho konke okunamaphiko.
15
Kwangena emkhunjini kaNowa ngakubili konke okuphefumulayo,
16
njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile uNowa, kwangena iduna nensikazi, kukho konke okuphilayo. Esengenile uNowa, uSimakade wavala umnyango.
17
Laqhubeka layithela imvula izinsuku ezingama-40, akhula amanzi, awuntantisa umkhumbi phezu komhlaba.
18
Amanzi akhula anda emhlabeni; umkhumbi wantanta phezu kwamanzi.
19
Amanzi anda kakhulu emhlabeni aze asibekela zonke iziqongo zezintaba ezinde.
20
Anda kakhulu aze azisibekela ngamakhubhithi ayishumi nanhlanu iziqongo zezintaba.
21
Kwafa konke okuphilayo emhlabeni: wena nyoni, wena nkomo, wena silo, wena silwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu.
22
Konke okuphefumulayo okwakusezweni, kwafa.
23
UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini.
24
Amanzi anda emhlabeni kwaze kwaphela izinsuku eziyi-150.
← Chapter 6
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 43
Chapter 44
Chapter 45
Chapter 46
Chapter 47
Chapter 48
Chapter 49
Chapter 50
Chapter 8 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42
43
44
45
46
47
48
49
50