bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Hosea 11
Hosea 11
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 12 →
1
“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.
2
Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.
3
Kepha yiMina engacathulisa u-Efrayimi; ngabagona ngezingalo zami, kodwa abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4
Ngabadonsa ngezintabo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngakhothamela kuye, ngamnika ukudla.
5
“Abayukubuyela eGibhithe, i-Asiriya libe yinkosi yabo, njengoba benqaba ukuphenduka na?
6
Inkemba iyophenduphenduka idle lubi emizini yabo, ishabalalise imigoqo yabo, ibashwabadele ngenxa yamaqhinga abo.
7
Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.
8
“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.
9
Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo, noma ngibhubhise u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu, ngingongcwele phakathi kwenu, angiyukufika ngolaka.
10
Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela, bevela entshonalanga.
11
Bayakuza bethuthumela njengenyoni bevela eGibhithe, njengejuba bephuma e-Asiriya, ngiyakubahlalisa ezindlini zabo,” kusho uSimakade.
12
U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo.
← Chapter 10
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 12 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14