bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Hosea 9
Hosea 9
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 10 →
1
Israyeli, ungajabuli, ngokuthokoza okufana nokwabezizwe, ngokuba uzifebele wena, wahlubuka kuNkulunkulu wakho, wathanda inkokhelo yesifebe kuzo zonke izibuya zokusanhlamvu.
2
Isibuya nesikhamo sewayini akuyukubondla, newayini elisha liyakumdumaza.
3
Abayukuhlala ezweni likaSimakade, u-Efrayimi uyakubuyela eGibhithe, badle ukudla okungcolileyo e-Asiriya.
4
Abayukumthungela uSimakade iwayini, nemihlatshelo yabo ayiyukuba yintokozo kuye, isinkwa sabo siyakuba njengesinkwa sokulila kubo, kuthi bonke abasidlayo bazingcolise bona. Ngokuba isinkwa sabo singesephango labo, asiyukungena endlini kaSimakade.
5
Niyokwenzenjani ngosuku lwedili, nangosuku lomkhosi kaSimakade na?
6
Bhekani-ke, noma bangaphunyuka ekubhujisweni, kodwa iGibhithe liyakubabutha, iNofi ibambele; ingcebo yabo yesiliva idliwe yimbabazane, kube nameva emathendeni abo.
7
Sezifikile izinsuku zokujeziswa, izinsuku zokuphindisela, u-Israyeli makakwazi lokho. Umphrofethi uyisiwula, umuntu onomoya uyahlanya ngenxa yeziphambeko zakho eziningi nangobutha obukhulu.
8
Umphrofethi ungumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, kodwa umphrofethi ubekelwe ugibe lwezinyoni kuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.
9
Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.
10
“Ngamthola u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane, ngabona okhokho bakho njengolibo lomkhiwane emkhiwaneni lapho uqala. Kepha bafika eBhali Pheyori, bazinikela ehlazweni, baba ngokunengekayo njengalokho abakuthandayo.
11
Udumo luka-Efrayimi luyakundizela kude njengenyoni, kungabi bikho kuthatha sisu, kukhulelwa nakuzala.
12
Noma bangakhulisa izingane zabo, kodwa ngiyakubephuca zona zonke. Maye impela kubo, lapho ngibafulathela!
13
Ngimbonile u-Efrayimi enjengeThire, etshalwe endaweni evundileyo, kepha u-Efrayimi uyakukhiphela izingane zakhe kumbulali.
14
“Simakade, banike. Ngabe uyakubanikani na? Isisu esiphuphumileyo namabele angenalubisi.
15
Bonke ububi babo buseGiligali, impela ngabazonda khona lapho; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angiyukubathanda futhi; zonke izikhulu zabo zingamahlubuka.
16
U-Efrayimi unqundiwe, impande yabo yomile, abayukuthela sithelo. Noma bangazala, kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”
17
UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 10 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14