bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Job 12
Job 12
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 13 →
1
UJobe waphendula, wathi:
2
“Akuthandabuzwa ukuthi yini nodwa abantu, nokuhlakanipha kuyofa nani.
3
Kepha nami nginengqondo njengani, aningedluli ngalutho. Ngubani ongazazi izinto ezinjengalezi na?
4
Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.
5
Labo abahleli kahle bayibukela phansi ingozi, ilungiselelwe abanezinyawo ezishelelayo.
6
Amathende abaphangi anokuthula, abachukuluza uNkulunkulu balondekile, labo abaletha onkulunkulu babo ngezandla zabo.
7
Kepha ake ubuze izilwane, zizokufundisa, nezinyoni zezulu, ukuze zikutshele.
8
Khuluma kuwo umhlaba, ukuze ukufundise, nasezinhlanzini zolwandle ukuze zikulandise.
9
Ngubani phakathi kwabo bonke laba, ongazi ngakho konke lokho ukuthi isandla sikaSimakade sikwenzile lokhu na?
10
Esandleni sakhe kukhona imiphefumulo yakho konke okuphilayo, kanjalo nomoya wabo bonke abaphilayo.
11
Indlebe ayiwahloli yini amazwi, nolwanga alukunambithi yini ukudla na?
12
Ukuhlakanipha kutholakala ezimpungeni, nangobude bezinsuku kwabanokuqonda.
13
“Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.
14
Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.
15
Uyawavimba amanzi, ashe, awathumele agumbuqele umhlaba.
16
Amandla nokuhlakanipha okungqokolo kungokwakhe, oduka endleleni nalowo omdukisayo bangabakhe.
17
Uyaphuca abeluleki ukuhlakanipha, enze abehluleli babe yiziwula.
18
Uthukulula izintambo zamakhosi, awabophe ngebhande ezinkalweni zawo.
19
Ugodukisa abaphristi bengenalutho, athele phansi othulini izikhulu.
20
Uyazithulisa izindebe zabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.
21
Uthela izikhulu ngehlazo, athukulule amabhande abanamandla.
22
Wembula izinto ezijulileyo ebumnyameni, aveze obala izinto ezisebumnyameni obukhulu.
23
Wenza izizwe zibe zinkulu, bese ezibhubhisa, ukhulisa izizwe, bese ezihlakaza.
24
Uphuca abaholi bezizwe zomhlaba ukuqonda, abahlwathizise lapho kungekho ndlela khona, ehlane, kwahlongasibi.
25
Baphuphutheka ebumnyameni bengenakukhanya, ubabhamazelisile njengezidakwa.”
← Chapter 11
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
Chapter 13 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42