bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Job 42
Job 42
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 41
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
1
UJobe wayesemphendula uSimakade, wathi:
2
“Ngiyazi ukuthi ungakwenza konke, icebo lakho alinakuvinjwa.
3
Ngubani ofihla iseluleko engenalwazi na? Ngikukhulumile lokho engingakuqondiyo, izinto ezinkulu kunami engingazaziyo.
4
“Ake ulalele, kukhuluma mina, ngiyakubuza, wena ngiphendule.
5
Ngezwa ngawe ngokuzwa kwezindlebe, kodwa manje iso lami selikubonile,
6
ngakho-ke ngiyazenyanya, ngiyazisola, ngibhuquza othulini nasemlotheni.”
7
Emveni kokuba uSimakade esekhulume lawo mazwi kuJobe, uSimakade wathi ku-Elifazi, umThemani: “Ngithukuthelele wena nabangani bakho ababili, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami, uJobe.
8
Ngakho-ke zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye nakho encekwini yami uJobe, nikunikele kube ngumnikelo wenu wokushiswa. UJobe, inceku yami, uyonikhulekela, ngoba ngiyakuwulalela umkhuleko wakhe, angiyukwenza kini njengobuwula benu, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami uJobe.”
9
U-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama, bahamba benza njengokusho kukaSimakade kubo. USimakade wawemukela umkhuleko kaJobe.
10
USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.
11
Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.
12
USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.
13
Waba namadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.
14
Wayiqamba indodakazi yokuqala wathi nguJemima, eyesibili wathi nguKheziya, eyesithathu wayibiza ngokuthi nguKhereni Haphukhi.
15
Akufunyanwanga ezweni lonke abesifazane ababebahle njengamadodakazi kaJobe. Uyise wawabela ifa phakathi kwabafowabo.
16
Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.
17
UJobe wafa esemdala, esenelisekile yizinsuku zokuphila.
← Chapter 41
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 41
Chapter 42
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40
41
42