bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Joshua 1
Joshua 1
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 2 →
1
Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi:
2
“Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli.
3
Yonke indawo lapho nibeke khona unyawo lwenu, leyo ndawo ngiyakuninika yona njengalokhu ngishilo kuMose.
4
Kusukela eLebhanoni kuze kube semfuleni omkhulu, umfula iYufrathe, lonke izwe lamaHithi kuze kuyofinyelela olwandle entshonalanga, kuyakuba yizwe lenu.
5
Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.
6
Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.
7
Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.
8
Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.
9
Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”
10
UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi:
11
“Dabulani enkanjini, niyale abantu ukuba balungise umphako, ngokuba ezinsukwini ezintathu nizowela iJordani, ukuba ningene, nidle izwe uSimakade aninika lona ukuba libe ngelenu.”
12
UJoshuwa wayesekhuluma nabakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase, wathi:
13
“Khumbulani izwi uMose, inceku kaNkulunkulu, aniyala ngalo, ethi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uzakunabela indawo yokuphumula, futhi uyakuninika leli lizwe.’
14
Omkenu nabantwana benu nemfuyo yenu kuyakusala ezweni uMose aninika lona, elingaphesheya kweJordani. Kepha nina niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, nonke nina maqhawe anamandla niyakubasiza,
15
aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”
16
Bamphendula uJoshuwa bathi: “Konke lokho osiyale ngakho sizokwenza, futhi noma kuphi lapho usithuma khona siyakuya.
17
Njengoba samlalela uMose ezintweni zonke, nawe siyakukuhlonipha. Kuphela nje, sengathi uSimakade uNkulunkulu wakho angaba nawe njengalokhu ayenoMose.
18
Noma ngubani omelana neziyalo zakho, angawahloniphi amazwi akho, lokho oyala ngakho, uyakuyiswa kwagoqanyawo. Wena nje qina ume isibindi.”
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 2 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24