bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
/
Joshua 17
Joshua 17
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
← Chapter 16
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 18 →
1
Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.
2
Abozalo lukaManase bonke banikwa isabelo sabo ngokwemindeni yabo: abozalo luka-Abhiyezeri, abolukaHelekhi, aboluka-Asiriyeli, abolukaShekhemu, abolukaHeferi, nabolukaShemida; bonke laba babengabozalo lukaManase indodana kaJosefa; ngokwemindeni yabo.
3
Kepha uZelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakhiri kaManase wayengenamadodana, kungamadodakazi odwa. Nanka amagama amadodakazi akhe: uMahela, uNowa, uHogila, uMilikha noThirisa.
4
Eza phambi komphristi u-Eleyazare noJoshuwa indodana kaNuni, nabaholi bakwa-Israyeli, athi: “USimakade wayala uMose ukuba asinike isabelo sethu kanye nesabafowethu.” Ngakho-ke ngokomyalo kaSimakade wawanika isabelo sawo phakathi kwabafowabo ababezalwa ndoda yinye.
5
Lokho kwenza ukuba abakwaManase bathole izabelo ezilishumi ngaphandle kweGileyadi neBhashani ngaphesheya kweJordani,
6
ngokuba amadodakazi kaManase nawo athola ifa phakathi kwamadodana akhe; iGileyadi labelwa bonke abozalo lukaManase.
7
Indawo yabakwaManase yayisuka e-Asheri iye eMikhemetha engaphambi kweShekhemi; bese umngcele uqhubeka ngaseningizimu uye kwababakhe e-Eni Thaphuwa.
8
IThaphuwa kwakungelakwaManase, kodwa umuzi iThaphuwa osemngceleni wakwaManase wawungowozalo luka-Efrayimi.
9
Umngcele uyedlula uye phansi esigodini iKhana. Leyo mizi engaseningizimu yesigodi, phakathi kwemizi yakwaManase, yayingeyakwa-Efrayimi. Umngcele wakwaManase uqhubeka wedlule ngasenyakatho yesigodi uze uyogcina olwandle.
10
Ngaseningizimu ngelika-Efrayimi, elingasenyakatho kwaManase, umngcele walo kungulwandle. Ngasenyakatho ufinyelela e-Asheri, kuthi ngasempumalanga ufinyelele e-Isakhare.
11
Phakathi kwelakwa-Isakhari nakwa-Asheri uManase wabelwa iBhethi Sheyani nemizana yalo, iJibheleyami nemizana yalo, izakhamuzi zaseDori nemizana yalo, ezase-Eni Dori nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, elesithathu yiNafathi.
12
Nokho abozalo lukaManase abakwazanga ukuyinqoba leyo mizi ibe yifa labo; amaKhanani aqhubeka nokuhlala kulelo lizwe.
13
Kodwa lapho u-Israyeli esenamandla wawenza izigqila amaKhanani, akaze awaxosha ngokupheleleyo ezweni.
14
Isizwana sabozalo lukaJosefa sakhuluma noJoshuwa, sathi: “Usinikeleni isabelo sasinye nengxenye eyodwa kuphela, ukuba kube yifa lethu, njengoba singabantu abaningi, futhi uSimakade eqhubeka nokusibusisa na?”
15
UJoshuwa wathi kubo: “Uma ningabantu abaningi, khuphukelani ehlathini nizicabele indawo ezweni lamaPherizi namaRefa, ngokuba elezintaba kwa-Efrayimi lincane kakhulu kini.”
16
Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”
17
UJoshuwa wathi kubo abendlu kaJosefa nabaka-Efrayimi noManase: “Uyisizwe esikhulu impela, futhi unamandla amakhulu, awuyukunikwa isabelo esisodwa,
18
kodwa elezintaba kuzoba ngelakho, ngokuba nakuba liyihlathi nizolicaba libe yifa lenu namaphethelo alo, ngokuba nizowaxosha amaKhanani, ngisho enezinqola zensimbi, futhi enamandla.”
← Chapter 16
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 18 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24