bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
/
1 Thessalonians 4
1 Thessalonians 4
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 5 →
1
Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.
2
Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu.
3
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni;
4
ukuze yilowo nalowo kini azi ukuthi angasiphatha kanjani isitsha sakhe ngobungcwele nangodumo;
5
kungabi ngenkanuko, njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu;
6
ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.
7
Ngoba uNkulunkulu kasibizelanga ekungcoleni, kodwa ebungcweleni.
8
Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.
9
Kepha maqondana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nginilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundiswe nguNkulunkulu ukuba nithandane.
10
Nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane kulo lonke elaseMakedoniya;
11
nokuba nikhuthalele ukuthula, nenze izindaba zenu, nokusebenza ngezandla zenu, njengalokho saniyala;
12
ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho.
13
Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.
14
Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa wabuye wavuka, ngokunjalo-ke nalabo abalele kuJesu uNkulunkulu uyobaletha kanye naye.
15
Ngokuba lokhu sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina esisekhona esisasele ekufikeni kweNkosi asiyikubandulela abaleleyo.
16
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;
17
Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
18
Ngakho duduzanani ngalawamazwi.
← Chapter 3
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 5 →
All chapters:
1
2
3
4
5