bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
/
1 Thessalonians 5
1 Thessalonians 5
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
1
Kepha ngokwezikhathi nezinkathi, bazalwane, anidingi ukuba nginilobele.
2
Ngokuba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.
3
Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.
4
Kepha nina, bazalwane, anikho ebumnyameni, ukuba lolo suku lunifice njengesela.
5
Lina lonke lingabantwana bokukhanya labantwana bemini;
6
Ngakho-ke masingalali njengabanye; kodwa masiqaphele, sibe sisangulukile.
7
Ngokuba abalalayo balala ebusuku; nabadakwayo badakwa ebusuku.
8
Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nothando; nesigqoko sokuzivikela, ithemba lensindiso.
9
Ngoba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuzuza insindiso ngeNkosi yethu uJesu Kristu;
10
owasifelayo, ukuze kuthi, loba siphaphama kumbe silele, siphile kanye laye.
11
Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.
12
Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, abaniyalayo;
13
nibazise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. futhi nihlalisane ngokuthula.
14
Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.
15
Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.
16
Jabulani njalonjalo.
17
Khulekani ningaphezi.
18
kukho konke bongani, ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
19
Ningawucimi uMoya.
20
Ningadeleli ukuprofetha.
21
Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle.
22
Dedani kukho konke okubi.
23
UNkulunkulu wokuthula yena uqobo makaningcwelise ngokupheleleyo; njalo ngiyakhuleka kuNkulunkulu wonke umoya wenu lomphefumulo lomzimba, kulondolozwe kungelacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
24
Uthembekile onibizayo, oyakukwenza futhi.
25
Bazalwane, sikhulekeleni.
26
Bingelelani abazalwane bonke ngokwanga okungcwele.
27
Ngiyanifungisa ngeNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane abangcwele.
28
Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen. (Incwadi yokuqala eya kwabaseThesalonika yabhalwa ise-Athene.)
← Chapter 4
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
All chapters:
1
2
3
4
5