bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Exodus 35
Exodus 35
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 34
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 36 →
1
UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze.
2
Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa.
3
Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”
4
UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi:
5
Thabathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaJehova; bonke abanenhliziyo ethandayo mabawulethe, ube ngumnikelo kaJehova: igolide, nesiliva, nethusi,
6
nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi,
7
nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nomuthi womtholo,
8
namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,
9
namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, abe ngawengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.
10
“Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo:
11
itabernakele,* netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo;
12
umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli;
13
itafula nezinti zalo nezitsha zonke zalo, nezinkwa zokubukwa;
14
nothi lwezibani lokukhanyisa, nezitsha zalo nezibani zalo, namafutha okukhanyisa;
15
ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele;
16
i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,
17
nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke,
18
nezikhonkwane zetabernakele, nezikhonkwane zegceke, nezintambo zazo,
19
nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.”
20
Yayisisuka yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ebusweni bukaMose.
21
Bafika, kwaba yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube ngowomsebenzi wetende lokuhlangana, nowenkonzo yonke yalo, nowezambatho ezingcwele.
22
Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo, baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide, bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova.
23
Bonke okwafunyanwa kubo okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo, noboya bezimbuzi, nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* bakuletha.
24
Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi baletha umnikelo kuJehova, nabo bonke okwafunyanwa kubo umuthi womtholo womsebenzi wenkonzo bawuletha.
25
Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.
26
Bonke abesifazane abavuselwa yizinhliziyo zabo ukuhlakanipha baphotha uboya bezimbuzi.
27
Izinduna zaletha amatshe amashohamu* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba,
28
namakha, namafutha okukhanyisa nawokugcoba nawempepho ethaphukayo.
29
Abantwana bakwa-Israyeli bawuletha umnikelo wesihle kuJehova, bonke abesilisa nabesifazane, abanhliziyo yabo ibavusele ukulethela yonke imisebenzi ayale ngayo uJehova ukuba yenziwe ngesandla sikaMose.
30
UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda;
31
umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke
32
ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,
33
nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, ukuba asebenze yonke imisebenzi yobungcweti.
34
Ubeke enhliziyweni yakhe ukuba afundise, yena no-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani.
35
Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.
← Chapter 34
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 36 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40