bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Exodus 9
Exodus 9
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 10 →
1
UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, umtshele ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
2
Ngokuba uma wenqaba ukuba bahambe usababambile,
3
bheka, isandla sikaJehova siyakuba phezu kwemfuyo yakho esendle, naphezu kwamahhashi, naphezu kwezimbongolo, naphezu kwamakamela, naphezu kwezinkomo, naphezu kwezimvu, silethe isifo esinzima kakhulu.
4
UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, kungafi lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”
5
UJehova wanquma isikhathi, wathi: “Kusasa uJehova uzakwenza lokhu ezweni.”
6
Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso; yafa yonke imfuyo yaseGibithe, kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa.
7
UFaro wathumela; bheka, emfuyweni yakwa-Israyeli akufanga neyodwa; kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.
8
UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Caphunani izinkweshe zomlotha waseziko uMose awusakazele ngasezulwini phambi kukaFaro.
9
Uyakuba yibhuqu ezweni lonke laseGibithe, uphenduke amathumba ayakuqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni ezweni lonke laseGibithe.”
10
Base bethatha umlotha waseziko, bema phambi kukaFaro; uMose wawusakazela ngasezulwini, waphenduka amathumba aqhamuka nezilonda kubantu nasezinkomeni.
11
Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba, ngokuba amathumba ayekhona kuzo izanusi nakubo bonke abaseGibithe.
12
UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose.
13
UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro, uthi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
14
Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.
15
Ngokuba ngase ngiselule isandla sami, ngakushaya wena nabantu bakho ngesifo, uze uchitheke emhlabeni,
16
kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.
17
Usabavimbela abantu bami, ungabavumeli ukuba bahambe, na?
18
Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.
19
Ngalokho thuma, ubuyise imfuyo yakho nakho konke onakho endle; bonke abantu nazo zonke izinkomo okuyakufunyanwa endle kungagoduswanga kuyakuwelelwa yisichotho, kufe.’ ”
20
Yena owalesaba izwi likaJehova phakathi kwezinceku zikaFaro wazenza izinceku zakhe nezinkomo zakhe ukuba zibalekele ezindlini.
21
Kepha onganakanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nemfuyo yakhe endle.
22
Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kuwe isichotho ezweni lonke laseGibithe, phezu kwabantu, naphezu kwazinkomo naphezu kwayo yonke imifino ezweni lonke laseGibithe.”
23
UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.
24
Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho; kwakunzima kakhulu, okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe.
25
Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo, ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya yonke imifino yasendle, saphula yonke imithi yasendle.
26
Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.
27
UFaro wathuma wababiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile lesi sikhathi; uJehova ulungile, kepha mina nabantu bami sibabi.
28
Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”
29
Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.
30
Kepha wena nezinceku zakho ngiyazi ukuthi anikamesabi uJehova uNkulunkulu.”
31
Kwashaywa ifilakisi* nebhali,* ngokuba ibhali lalikhahlele, nefilakisi laliqhakazile.
32
Kepha ukolweni nespelite* akushaywanga, ngokuba kwakungakakhuli.
33
UMose waphuma emzini kaFaro, welula izandla zakhe kuJehova; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni.
34
UFaro esebonile ukuthi imvula nesichotho nokuduma sekunqamukile, wabuye wona, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, yena nezinceku zakhe.
35
Inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe, njengalokho uJehova eshilo ngoMose.
← Chapter 8
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 25
Chapter 26
Chapter 27
Chapter 28
Chapter 29
Chapter 30
Chapter 31
Chapter 32
Chapter 33
Chapter 34
Chapter 35
Chapter 36
Chapter 37
Chapter 38
Chapter 39
Chapter 40
Chapter 10 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24
25
26
27
28
29
30
31
32
33
34
35
36
37
38
39
40