bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Joshua 17
Joshua 17
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 16
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 18 →
1
Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.
2
Abanye abantwana bakwaManase babelwa nabo ngemindeni yabo: abantwana bakwa-Abiyezeri, nabantwana bakwaHeleki, nabantwana bakwa-Asiriyeli, nabantwana bakwaShekemi, nabantwana bakwaHeferi, nabantwana bakwaShemida; labo babe ngabantwana besilisa bakwaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.
3
Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
4
Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu.” Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.
5
UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani,
6
ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase.
7
Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e-Eni Taphuwa.
8
Izwe laseTaphuwa lalingelikaManase, kepha iTaphuwa elisemkhawulweni kaManase lalingelabantwana bakwa-Efrayimi.
9
Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;
10
okwaseningizimu kwakungokuka-Efrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwa-Isakare ngasempumalanga.
11
Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.
12
Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyo mizi; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelo zwe.
13
Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.
14
Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela, kube yifa lami, lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na?”
15
UJoshuwa wathi kubo: “Uma uyisizwe esikhulu, khuphukela ehlathini, uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa, lokhu izintaba zakwa-Efrayimi ziminyene kuwe.”
16
Bathi abantwana bakwaJosefa: “Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.”
17
UJoshuwa wayesekhuluma kuyo indlu kaJosefa, naku-Efrayimi, nakuManase, ethi: “Uyisizwe esikhulu, unamandla amakhulu; awuyikuba nasabelo esisodwa nje;
18
kepha izintaba ziyakuba ngezakho; noma ziyihlathi, woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho, ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.”
← Chapter 16
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 18 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24