bible
ra
🌐 Language
English
Español
Français
Deutsch
Português
Italiano
Nederlands
Русский
中文
日本語
한국어
العربية
Türkçe
Tiếng Việt
ไทย
Indonesia
All Languages
Home
/
Zulu
/
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
/
Joshua 21
Joshua 21
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 22 →
1
Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku-Eleyazare umpristi, nakuJoshuwa indodana kaNuni, nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,
2
bakhuluma kubo eShilo ezweni laseKhanani, bathi: “UJehova wayala ngesandla sikaMose ukuba siphiwe imizi ukuhlala kuyo kanye namadlelo ayo, abe ngawezinkomo zethu.”
3
Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo.
4
Inkatho yadla imindeni yamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi ababe ngamaLevi babelwa esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini imizi eyishumi nantathu.
5
Abantwana abaseleyo bamaKohati babelwa emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi, nasesizweni sakwaDani, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase imizi eyishumi.
6
Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.
7
Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babelwa esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
8
Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.
9
Abelwa esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni lemizi eshiwo lapha ngamagama
10
yaba ngeyabantwana bakwa-Aroni bemindeni yamaKohati ayengamaLevi; ngokuba inkatho yokuqala yaba ngeyabo.
11
Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.
12
Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bamnika khona uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.
13
Abantwana bakwa-Aroni, umpristi, babanika iHebroni kanye namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neLibina kanye namadlelo alo,
14
neJatiri namadlelo alo, ne-Eshitemowa namadlelo alo,
15
neHoloni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,
16
ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.
17
Esizweni sakwaBenjamini: iGibeyoni namadlelo alo, neGeba namadlelo alo,
18
ne-Anathoti namadlelo alo, ne-Alimoni namadlelo alo, imizi mine.
19
Yonke imizi yabantwana bakwa-Aroni, abapristi, yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.
20
Imindeni yabantwana bamaKohati amaLevi, abantwana abaseleyo bamaKohati, yabelwa ngenkatho imizi yabo esizweni sakwa-Efrayimi.
21
Bayinika iShekemi namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela wombulali, neGezeri namadlelo alo,
22
neKibisayimi namadlelo alo, neBeti-Horoni namadlelo alo, imizi mine.
23
Esizweni sakwaDani: i-Elitheke namadlelo alo, neGibethoni namadlelo alo,
24
ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mine.
25
Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase: iThahanaki namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mibili.
26
Yonke imizi yemindeni yabantwana abaseleyo bamaKohati yayiyishumi namadlelo ayo.
27
Abantwana bakwaGereshoni bemindeni yamaLevi babelwa kuyo inxenye yesizwe sakwaManase iGolanu eBashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neBeyeshitera namadlelo alo, imizi mibili.
28
Esizweni sakwa-Isakare: iKishiyoni namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo,
29
neJarimuthi namadlelo alo, ne-Eni Ganimi namadlelo alo, imizi mine.
30
Esizweni sakwa-Asheri: iMishali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo,
31
neHelikati namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo, imizi mine.
32
Esizweni sakwaNafetali: iKedeshi laseGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neHamoti Dori namadlelo alo, neKaritani namadlelo alo, imizi mithathu.
33
Yonke imizi yamaGereshoni ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.
34
Imindeni yabantwana bakwaMerari, abaseleyo kumaLevi, yabelwa esizweni sakwaZebuloni iJokineyamu namadlelo alo, neKarita namadlelo alo,
35
neDimina namadlelo alo, neNahalali namadlelo alo, imizi mine.
36
Esizweni sakwaRubeni: iBeseri namadlelo alo, neJahasi namadlelo alo,
37
neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo, imizi mine.
38
Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo,
39
neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo, yonke iyimizi emine.
40
Yonke imizi yabantwana bakwaMerari ngemindeni yabo, imindeni eseleyo yamaLevi, isabelo sabo sasiyimizi eyishumi nambili.
41
Yonke imizi yamaLevi phakathi kwefa labantwana bakwa-Israyeli yayiyimizi engamashumi amane nesishiyagalombili namadlelo ayo.
42
Leyo mizi yonke yayinamadlelo ayo nxazonke zayo; kwakunjalo kuyo yonke leyo mizi.
43
UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo.
44
UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.
45
Akuphuthanga lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu ka-Israyeli; kwenziwa konke.
← Chapter 20
Jump to:
Chapter 1
Chapter 2
Chapter 3
Chapter 4
Chapter 5
Chapter 6
Chapter 7
Chapter 8
Chapter 9
Chapter 10
Chapter 11
Chapter 12
Chapter 13
Chapter 14
Chapter 15
Chapter 16
Chapter 17
Chapter 18
Chapter 19
Chapter 20
Chapter 21
Chapter 22
Chapter 23
Chapter 24
Chapter 22 →
All chapters:
1
2
3
4
5
6
7
8
9
10
11
12
13
14
15
16
17
18
19
20
21
22
23
24